by Londeka Dlamini
Basagcinwe estokisini abasolwa abane malungana necala lokudlwengulwa nokukhuthuzwa kowesifazane oneminyaka engamashumi amathathu nanye (31) wasendaweni ya KwaZakhele esifundazweni sase Eastern Cape.
Lelicala liqulwa enkantolo ephakeme kwelinye lamadolobha i-Port Elizabeth kuso lesi sifundazwe.
Labalisa abaneminyaka ephakathi kwengamashumi amabili nambili kuya kwengamashumi amabili nane (22-24) okungu Sonwabo Ngcete, Khuselo Manta, Siyamthanda Ndiza kanye no Siyabonga Mhlangu bangene ebhokisini lofakazi ngesonto eledlule bonke bezichitha lezinsolo ababhekene nazo.
Ngokusho kwabalisa ababili ababona ukusuka nokuhlala kwalesisigameko bathi kwakusentatha kusa mhla zingu-29 ku Masingana (January) onyakeni ka 2012 bona beqhamuka endaweni yokucima ukoma babona labasolwa abane beshaya ummangali elele phansi bemshaya bephindelela emgwaqeni uNosidima khona endaweni ya Kwa Zakhele.
Bathi omunye walabasolwa waphimisa amazwi athi “Ngizokukhombisa ukuthi awuyona indoda”, kulapho ababili kulabasolwa bazitika ngocansi kulona wesifazane.
Baqhuba bathi laba abanye ababili abasolwa besalinde elabo ithuba owesifazane othize wavula ifasitela wamemeza emzini oseduze nomgwaqo babaleka bonke abasolwa beshiya ummangali endaweni yesigameko.
Lona wesifazane watholakala ekuseni sekukhanya, amalungu omphakathi azisa abomndeni wakhe.
Watholakala eshayeke kanzima engakhulumi, engakwazi kwenza lutho, entshontshelwe nezimpahla ezifika emalini elinganiselwa ku R1 200 ayezigqokile ummangali.
UManta, ongomunye wabasolwa ephekwa ngemibuzo ebhokisini lofakazi uchazele inkantolo ukuthi yena no mmangali babethandana.
Uthi lona wesifazane wamcela ukuba angazisi muntu ngobudlelwano babo ngoba waziwa njengestabane endaweni.
Umshushisi u-Andre Canary ube esethi ucwaningo lodokotela (DNA test) olwenziwa ku mmangali luveza ukuthi uManta wazabela ngocansi kulona wesifazane.
Omunye wabasolwa uthi labalisa ababili abathi bazibonela ngawabo isigameko bayamsulela ngenxa yengxabano eyake yabaphakathi kwabo.
Khona manjalo no mmangali ulandise inkantolo ngalomshophi owamehlela.
Uthi ezama ukubaleka washawa ngetshe ekhanda okwamenza aphelelwe amandla angakwazi kwenza lutho.
Uqhube wathi wahlala amasonto amathathu ephazamisekile, engakwazi kwenza lutho.
Okumzwisa ubuhlungu ummangali ukuthi usehlale eba nenkinga yekhanda abuye aquleke kusukela ashayeka kanzima, lokhu sekuze kumphazamise nasemsebenzini wakhe.
Uphethe ngokuthi akabazi labasolwa, ababili ubazi ngokubabona endaweni okungu Mhlangu kanye no Ndiza.
Uthi yena lokhu aqala ukungena kwezothando akakaze azibandakanye nomuntu weslisa, ekusho kugcwala umlomo ukuthi yena uthandana nobulili obufana nobakhe “I am lesbian”.
Kanti kulindeleke kuqhubeke ukuthulwa kobufakazi enkantolo, icala liyaqhubeka.
Previous by Londeka
2014 Feb. 2: Bayanda abefundisi eVMCI
Pingback: 2015 Aug. 21: Bagwetshiwe abasolwa ngokudlwengula | inkanyiso.org