2014 Feb.2 Bayanda abefundisi eVMCI

  

Umbhalo nezithombe

by Londeka Dlamini

 

Image

Ibiseqophelweni eliphezulu inkonzo yokugcotshwa kwabefundisi bebandla iVictory Ministries Church International (VMCI) eThekwini ebibanjelwe ehholo lomphakathi eWiggins endaweni yase Mayville, ngoMgqibelo zingumhlaka 1 February 2014.

UBonisile Magwaza kanye no Skhumbuzo Sbisi sebegcotshwe ngokusemthethweni ukuba ngabefundisi, kwazise ibilindelwe ngabovu lenkonzo ebandleni laseVMCI. Ububona nendlela obekuhlelwe kahle ngayo. Ngenyanga edlule umama umfundisi uZungu ekhuluma nebandla, wanxusa abazalwane ukuba baxhase kubanjiswane ukuze into yebandla ibe yinhle esho nokuthi kukhomba ukukhula kabandla uma kwanda abefundisi.
”Kugcotshwa umyeni wami lalingakandi kangaka ibandla ngakho ngifisa lenkonzo ibe sezingeni ukuze nezwe libone ukuthi nebandla eliwuloluhlobo liyakwazi ukwenza into enhle” kubeka umama umfundisi.

Image

Ibihanjelwe abefundisi abaningi lenkonzo phakathi kwabo kukhona nomfundisi uNokuthula Dhladhla wasesifundazweni sase Free State naye oshade nowobulili obufana nobakhe. Kubekhona isikhathi lapho omunye wabefundisi ecele khona ukubeka umfundisi uZungu nomndeni wakhe izandla ngenjongo yokumqinisa emsebenzini awenzayo wokusebenzela uNkulunkulu.

Izolo kuyiSonto siphinde sahambela lona lelibandla iVMCI inkonzo ibemnandi kakhulu. Kusabungazwa ukugcotshwa kwabefundisi, ikomidi eliphezulu ebandleni lidlulisa ukubonga kubazalwane ngokusebenzisana kahle inkonzo yomgcobo yaba impumelelo.
Inkonzo ibiphethwe umfundisi uDhladhla obekade ekhona nasenkonzweni yomgcobo.
Eqala intshumayelo yakhe usilandise kafushane ngaye ukuthi akayena ubaba umfundisi kodwa uyakuthokozela ukubizwa ngomfundisi uDhladhla nje noma uNokuthula, wasukumisa nesthandwa sakhe athe usithanda kakhulu, enxusa nabazalwane bonke ukuba uma uphila impilo yobutabane kubalulekile ukuba uzazi.
Kanti-ke uma ungathanda nawe ukuhlanganyela ne VMCI ungabavakashela eThekwini eDiakonia Centre.

Hhiya-ke, kuze kubengokuzayo!!!
WOZ’ E-DURBAN!!

 

 

 

Previous by Londeka and related articles

2014 Jan.5: Ishaya ngolunye unyawo I-VMCI kulonyaka

and

2013 Dec. 22: ”Indlela enilingwa ngayo ukuba nibizwe ngezitabane”

and


2013 Dec. 16: “Sibonga uMadiba ngokulwela inkululeko yethu”

and

2013 Sept. 19: Ikhiphe Icwecwe layo lokuqala i Victory Ministries (VMCI)

and

2013 September 1: Bafake umfaniswano omama nobab’ umfundisi

and

2013 June 18: New Brand For House Music Lovers

and

2013 June 16: Zishade libalele izitabane

and

2013 June 15: The Durban Lesbian Wedding of the Year

 

 

 

This entry was posted in Durban, Evidence, Experience, Family, Free State, Friendships, Gender naming, God Fearing people, God's will, History, Homosexuality, Human rights, I can't do it ALONE, Identity, If not documented, Inner feelings, Insika neDwala, Interpretation, Jehovah, Know Your SA Queer History, Lesbian Love Is Possible in South Africa, Lesbian Youth, Life, Life partners, Life Stories, Ordained, Power of the Voice, Prayer, Praying, Privilege, Professional black lesbians in South Africa, Proud lesbian, Queer community, ReClaim Your Activism, Sharing knowledge, Speaking for ourselves, Textualizing Our Own Lives, Visual history is a Right not a luxury, Visual Language, Visual Power, Visualizing public spaces, VMCI Worship team, We Are You, We Care, We Love Photography, Women; Voices; Writings; Education; Traditions; Struggles; Cultures, Writing is a Right, Zulu is a South African language and tagged , , , , , , , , , , , , , , , , , , . Bookmark the permalink.

4 Responses to 2014 Feb.2 Bayanda abefundisi eVMCI

  1. Ramazan Ngobese says:

    God is Amazing trust me

  2. Pingback: 2014 Feb.4: Newly ordained pastors of VMCI church | inkanyiso.org

  3. Sasie Bubbles says:

    This was such a lovely day. I cebo lathixo about LGBTQ liyavela manje ukuthi nathi singabantwana bakhe and jesus dead for all of us blue pink white black Gay str8. And by ukukhula kwalelibandle kuvezela enyinto enhle. Hayi shame that day ngaphuma ngisuthi ndlela zonke ngoko moya nangenyama kwakwi into efanayo

  4. Pingback: 2015 Feb. 13: Abalisa abane basolwa ngokudlwengula nokukhuthuza | inkanyiso.org

Leave a Reply

Fill in your details below or click an icon to log in:

WordPress.com Logo

You are commenting using your WordPress.com account. Log Out /  Change )

Facebook photo

You are commenting using your Facebook account. Log Out /  Change )

Connecting to %s