2013 Sept. 19: Ikhiphe Icwecwe layo lokuqala i Victory Ministries (VMCI)

The new cd of VMCI worship team released recently. Photo by Londeka Dlamini

The new cd of VMCI worship team released recently (2013) in Durban.
Photo by Londeka Dlamini

 

by Londeka Dlamini

Likhiphe icwecwe lalo lokuqala iqembu lendumiso phecelezi i Worship team yebandla lodumo laseThekwini iVictory Ministries International phansi kobuholi buka Mfundisi uZungu. Uma uke waya eVMCI uphinde ubuyele ngendlela omnandi ngakhona umculo waleliqembu lihambisana no Zithulele Khwela obashayela izinsimbi, bavele bakuthathe bakubeke ezulwini elincane. Lelicwecwe labo lihlanganiswe nguye uZithulele phansi kwe ZK Music Productions. Babophele izingoma eziyishumi nanye (11) singabala nje ezimbalwa; Highest praise, Lwandise njalo, Baleka, uyabathwala kanye nethi Ungithandile, nezinye nezinye. Uma ungazithengela nawe eyakho iCD uzobe uzwa amaphimbo abantu abafana no; Mbali, Zodwa, Mam’ Ndlela, Zama, Mam’ Gumede, Nobahle, Mayaya, Shazie, Siya, Mluleki, Khaye, Anele, Bongani, Puli kanye no Phila.

Khona manjalo sike sezwa kucula no sonto skole wakhona eVMCI ngeSonto, awuwuvali umlomo ngendlela abazimisele ngayo labaya bantwana ngokudumisa uJehova ngamaphimbo abo.

Kusenjalo-ke kumenyezelwe ukuthi uMbali Biyela ocula khona kwi VMCI worship team uthe E-baba kwa Sibiya eyocela isihlobo esihle ngenxa yokuhlulwa uthando analo ngo Noxolo. Umfundisi wancoma isenzo sika Biyela ngokuyocela kwazise uhlale njalo enxusa umfundisi ukuba amakholwa angakipiti kodwa alobole, ashade kwaziwe ngokusemthethweni ngothando lwabo. “Uma uhleli nomuntu wakho engakushadi mubuze ukuthi uya nini ekhaya?” lawo kwabe kungazwi ka mfundisi.
Walinganisa ngokuthi uma uzothenga imoto uqala ufunde ngeyalapho kufundelwa khona emva kwalokho uthenge entsha ngakho-ke ungahlali nomuntu kanti usazokushiya ashade omunye. Kanti esilandisa yena uMbali uthe uyajabula ngendlela umndeni ka Noxolo omemukele ngayo njengoba kunzima kangaka kweminye imindeni ukwemukela ukuthandana kwabantu bobulili obufanayo.

For more details on VMCI click here

Previous by Londeka

2013 September 1: Bafake umfaniswano omama nobab’ umfundisi

and

2013 June 18: New Brand For House Music Lovers

and

2013 June 16: Zishade libalele izitabane

 

 

 

This entry was posted in CD Release, Jehovah, llobolo, Love, Music CD, Power of the Voice, Prayer, Relationships, Scriptures, Songs of Worship, South Africa, VMCI CD Release, VMCI Worship team and tagged . Bookmark the permalink.

6 Responses to 2013 Sept. 19: Ikhiphe Icwecwe layo lokuqala i Victory Ministries (VMCI)

  1. Pingback: 2013 Dec. 22: ”Indlela enlilingwa ngayo ukuba nibizwe ngezitabane” | inkanyiso.org

  2. Pingback: 2014 Feb.2 Bayanda abefundisi eVMCI | inkanyiso.org

  3. Pingback: 2015 April 6: VMCI Baptism at Easters in Durban | inkanyiso.org

  4. Pingback: 2015 April 6: VMCI Baptism at 2015 Easters in Durban | inkanyiso.org

  5. Pingback: 2015 Dec. 24: Remembering Magesh Zungu | inkanyiso.org

  6. Pingback: 2016 March 25: VMCI unpacking the crucifixion of Jesus | inkanyiso.org

Leave a Reply

Fill in your details below or click an icon to log in:

WordPress.com Logo

You are commenting using your WordPress.com account. Log Out /  Change )

Facebook photo

You are commenting using your Facebook account. Log Out /  Change )

Connecting to %s