by Londeka Dlamini
Zibophe ifindo likasofa silahlane izitabane zesifazane zasendaweni yase Chesterville esifundazweni saKwaZulu Natal ngoMgqibelo. UZininzi Ndlela ubeshadelwa uDelisile Ncengwa beshadiswa umfundisi Zinzi Zungu webandla abakhonza kulo iVictory Ministries Church International (VMCI). Beziphume ngobuningi bazo izitabane ziswenke ziconsa ukuzohalalisela ubab’ uNdlela kwazise uyilungu elidala ebandleni kanti uDelisile yena ucula ekhwayeni yebandla.
Imindeni yalababobabili ibiyingxenye yalomshado kuze kwathi umakoti esenikelwa kumkhwenyana wanikelwa umama wakhe ebekade engeniswe umalume wakhe. UDelisile uchaze wathi umama womyeni wakhe umthathisa okwengane yakhe akamthathisi okwamakoti. Izikhulumi zonke beziyala umakoti zithi ahloniphe emzini, ikakhulukazi umamezala wakhe. Ngakolunye uhlangothi abakwamakoti nabo bebewuthakasele lomshado, odadewabo kamakoti banandise ngomculo besho ngamaphimbo amtoti.
Lomshado ubuseqophelweni eliphezulu, izimpelesi zikamkhwenyana zigqoke amasudi kanokusho nezikamakoti nazo zingazibekile phansi nezingubo zazo ezinhle kushadelwa phandle kwehholo lomphakathi khona endaweni yase Chesterville, nelanga libalele saka. “ Ngifuna lolusuku lube isikhumbuzo kithina ngalezindandatho ngiyathembisa ukuthi ngiyohlale ngingowakho phambi kwezihlobo nabangani nabobonke abakhona nelanga libalele” Lawa kube amazwi kaNdlela ewabhekise kothandiweyo wakhe. Kuqhume umkikizo komama, ihlombe namakhwela ezinsizweni lapho umfundisi esebashadisile maqede wathi
“I now pronounce you as life partners”.
Iningi belilindele ngabomvu ukuzwa ukuthi kuzothiwani kuleyondawana ngoba kuvamise ukuthi “manje senibizwa ngendoda nomfazi”. Ikhwaya ibilokhu iqhulula amaculo amnandi esonto kusukume nesinedolo kunyakazwe, ubungabuzi ukuthi umshado wabantu abanjani ubuzibonela ukuthi kushada abantu abakholwayo. Umakoti naye esesho amazwi okuzibongela usukume wanyakazisa indlu ehlabelela esho nokusho ukuthi, phela yena ungumntwana kaNkulunkulu futhi uyahlabelela enkonzweni yakhe.
Bobabili oNdlela nomkakhe bezwakalise ukubonga emindenini yabo, izihlobo zabo, abangani, umfundisi wabo kanye nebandla abakhonza kulo ngokubasingatha ngoba lomshado wabantu bobulili obufanayo uthathwa njengongabusisiwe kanti lutho uyafana neminye imishado ngoba vele indaba ingabantu ababili bekhombisa uthando komunye nomunye.
Related article
2013 June 15: The Durban Lesbian Wedding of the Year
About the author
“I believe myself to be a well-balanced, responsible and organized person, who wishes to achieve the best result in any task undertaken.
I am a very ambitious and studious person, always willing to give off my best. I see myself being one of the well-recognized Journalists in the world in a few years to come.
I would like to be successful in my career, always ready to strive towards higher goals and given the opportunity, I will prove to be an asset to any company”.
Previously interned for Izwi Lomzansi FM as a Journalist and court reporter.
Pingback: 2013 June 15: The Durban Lesbian Wedding of the Year | inkanyiso.org
lovely photo’s,lovely wedding.wish them the best.
This wedding was the beautiful.. Wow I’m so shocked, but would love to attend a lesbian wedding one day! Yhooo I’m so happy for the Ndlela’s!! Everything seem so beautiful, kwamnandi with the family members and friends all there…. Yhooo some are lucky parents support being Lesbian!!
Nice pictures and everything tjooo!!!
Wow this is an inspiration to many, a celebration of our constitution, a stance of activism by the couple!!! Congratulation ladies may your union be blessed and you enjoy each other forever
Wish them the best of lucky emshadweni wabo bephathane kahle
Pingback: 2013 June 22: Lesbians wed in the broad daylight | inkanyiso.org
Pingback: 2013 June 30: Durban gays and lesbians say NO to hate crimes in SA | inkanyiso.org
Pingback: 2013 Aug. 18: Konke enikwenzayo kwenzeni ngothando | inkanyiso.org
Pingback: 2013 September 1: Bafake umfaniswano omama nobab’ umfundisi | inkanyiso.org
Pingback: 2013 Sept. 1: The VMCI Times | inkanyiso.org
Pingback: 2013 Sept. 16: The day Ndlela s got married | inkanyiso.org
Pingback: 2013 Sept. 19: Ikhiphe Icwecwe layo lokuqala i Victory Ministries (VMCI) | inkanyiso.org
Pingback: 2013 Dec. 16: “Sibonga uMadiba ngokulwela inkululeko yethu” | inkanyiso.org
Pingback: 2013 Dec. 22: ”Indlela enlilingwa ngayo ukuba nibizwe ngezitabane” | inkanyiso.org
Pingback: 2014 Feb.2 Bayanda abefundisi eVMCI | inkanyiso.org
guys pls invite me in every wedding pls
Pingback: Lihle Mbanjwa % zeintech.net