2013 September 1: Bafake umfaniswano omama nobab’ umfundisi

by Londeka Dlamini

Bekukuhle ngendlela eyisimangaliso enkonzweni yase VMCI izolo sibavakashele siyithimba leNkanyiso. Uma kuyiSonto lokuqala enyangeni bafaka umfaniswano, izinsizwa nobaba ababizwa ngensika bafaka amabhulukwe amnyama, amahembe amhlophe kanye nontanjana obomvu kanti omama kanye nezintombi bafaka iziketi ezimnyama kanye nebhantshi lengwe. Bengithanda uma sekuculwa ahole idwala umam’ mfundisi, ahole insika ubaba begwaba bashone phansi, ugezeke inhliziyo ukubona into enhle kanje.

Image

Pastor Z Zungu with VMCI congregants
Photos by Zanele Muholi (2013 Sept. 1), Durban.

Image
Umfundisi ubefake umfaniswano weNsika naye kanti umama naye efake owedwala, sikhuluma no mam’ mfundisi ukuthi kungani befake umfaniswano nabo uthi “kube kuhle kithina ukuthi sikhombise ukuseka kanye nokugqugquzela umbono nenhloso yebandla lethu sifisa liye phambili ngakho siyingxenye nathi”.

Image

Inkonzo ibimnandi kakhulu nokubuka-ke nje abazalwane befake umfaniswano webandla bekuyinto enhle kakhulu. Umfundisi ubevule encwadini ka Mark 10 verse 35 lapho khona kukhulunywa ngombuso kaNkulunkulu. Eshumayela umfundisi uthathe wathi “Uma uJesu ethola indawo kuwe kusho ukuthi umbuso kaNkulunkulu wakhile kuwe, uma uyingxenye yombuso kaNkulunkulu awukhathazwa izinto ezincane”.

Kuqhume ihlombe umfundisi ethi “uma ungibuka ungaze uthi ngiyisicebi kodwa vele ngiyisona ngoba ngisembusweni ka Nkulunkulu, umbuso ka Nkulunkulu wakhiwe enhlizweni yomuntu”.

Khona manjalo enkonzweni kube sekuhalaliselwa umzalwane othenge imoto ubaba uMngadi.

Uma-kuyisonto lokuqala enyangeni kwamukelwa nesidlo, umfundisi ube esemema wonke umuntu esidlweni ukuba bemukele umzimba negazi lika Kristu ethi wonke umuntu wemukelekile ngisho ukhonza kwelinye ibandla inqobo nje uma uzizwa ukba ufanelekile ukudla isidlo.

Hhiya-ke muzi wakwethu ngiyethemba nikuthakasele ukufunda lengosi, nokubuka izithombe esinipha zona kanti-ke uma nawe unesifiso ukuyohlanganyela ne VMCI unganikela khona endaweni yase Dikonia Centre eThekwini, kuze kube ngokuzayo.


Image

Previous articles by Londeka


2013 June 18: New Brand For House Music Lovers

and

2013 June 16: Zishade libalele izitabane

This entry was posted in Power of the Voice, South Africa, Writing is a Right, Youth voices, Zanele Muholi and tagged . Bookmark the permalink.

9 Responses to 2013 September 1: Bafake umfaniswano omama nobab’ umfundisi

  1. ZOE says:

    I’m proud of Collen S Mfazwe honestly I nvr thought she would go this far with her life bt she dfntly proved me wrong ,I knew her family through her ,m friends with both her sisters n cousin cause of her ….she doesn’t make not having parents an excuse of not achieving her dreams as for Ndazo Yah neh if I can ryt abt that women m sure ill take the wholle month she’s more than a sister to collen bt she’s a mother,father,sister anything gud u can think off I would like to thank Ndazo for taking care of her sisters n last bt not list m Proud of u Collen keep up the gud work I believe in u *teary_eyes*

  2. Pingback: 2013 Sept. 19: Ikhiphe Icwecwe layo lokuqala i Victory Ministries (VMCI) | inkanyiso.org

  3. Pingback: 2013 Dec. 16: “Sibonga uMadiba ngokulwela inkululeko yethu” | inkanyiso.org

  4. Pingback: 2013 Dec. 22: ”Indlela enlilingwa ngayo ukuba nibizwe ngezitabane” | inkanyiso.org

  5. Pingback: 2014 Feb.2 Bayanda abefundisi eVMCI | inkanyiso.org

  6. Pingback: 2015 April 6: VMCI Baptism at Easters in Durban | inkanyiso.org

  7. Pingback: 2015 April 6: VMCI Baptism at 2015 Easters in Durban | inkanyiso.org

  8. Pingback: 2015 Dec. 24: Remembering Magesh Zungu | inkanyiso.org

  9. Pingback: 2016 March 25: VMCI unpacking the crucifixion of Jesus | inkanyiso.org

Leave a Reply

Fill in your details below or click an icon to log in:

WordPress.com Logo

You are commenting using your WordPress.com account. Log Out /  Change )

Twitter picture

You are commenting using your Twitter account. Log Out /  Change )

Facebook photo

You are commenting using your Facebook account. Log Out /  Change )

Connecting to %s