by Londeka Dlamini
Izolo iNingizimu Afrika yonkana ibithintekile ngokuhanjelwa iqhawe uTata Nelson Rolihlahla Mandela obefihlwa khona izolo endaweni yase Qunu esifundazweni sase Eastern Cape okulapho azalelwa khona uTata. Khona manjalo isizwe sonkana nakwamanye amazwe bekugujwa inkululeko asilethela yona uTata uMandela, abangakwazanga ukumphelezela eyobekwa endlini yakhe yokugcina bebewubuka kumabonakude umngcwabo waleliqhawe, abanye belalele emsakazweni, ngisho emasontweni immbala bekuphakanyiswa amaflegi alapha eNingizimu Afrika kuphakanyiswa nezithombe zakhe Tata uMadiba kuthiwa siyabonga ukulwile ukulwa okuhle.
Ibandla eliseThekwini esifundazweni saKwaZulu Natal iVictory Ministries International elaziwa kakhulu ngokwamukela abantu abaphila impilo yobutabane (Gay Friendly Church) nakhona bekuvaleliswa uTata, kukhulunywa ngenkululeko asiphe yona. Isikhulumi uPaul obedlulisa amazwi enkuthazo
(word of encouragement) ukhulume ngencwadi ka Daniel isahluko sesbili evesini leshumi nane kuya kweleshumi nesishagalombili (Daniel 2: verse 14-18) lapho khona amadoda amathathu ephoswa emlilweni ngoba enqaba ukukhothamela isithombe esasibekiwe, uPaul uthathe wathi uTata uMadiba uyilwelile inkululeko yabantu abamnyama ngakho akukho lapho sikhothama khona singathandi, sesiphila sikhululekile.
Bekubhalwe umunyu kuwowonke umuntu enkonzweni ngokudlula kuka Madiba emhlabeni, abazalwane bonke befake izingubo ezimnyama okukhombisa ukuzila.
Kukhanyiswe amakhandlela, ilowo nalowo ephethe elakhe ukuthi ndlelanhle ku Tata uMandela, kuculwe amaculo omzabalazo akhuluma ngo Madiba kwashukuma indlu yonke lapho khona umfundisikazi uZungu ecula iculo elithi ”Nelson Mandela usilethela uxolo”, ne Worship-Team yebandla ingazibekile phansi becula amaculo asikhumbuza oka Madiba esho phambili uZodwa Ndlovu kanye no Zama beqala amaculo.
Kuthe kusenjalo omunye umzalwane washo ngengilo eculo iculo elithi ” Uhulumeni uyagcwala ngathi, uthi asishade sthandane sodwa uhulumeni uyagcwala ngathi”, indlu yonke ilithakasele leliculo abashadile bekhomba izindandatho zabo kanye no mam’ mfundisi.
Ibe isisipha izwi leNkosi inceku kaNkulunkulu umfundisi uZungu, wavula encwadini kaMathewu 8 verse 28-32, lapho khona kukhulunywa ngamadimoni. ”Ngike ngathula ngacabanga ukuthi ukube uTata akayilwelanga inkululeko yethu ngabe sikuphi, uJesu weza emhlabeni ukuba umxhumanisi phakathi komuntu no Nkulunkulu, kanjalo no Tata ube isipho kithina waba ngumxhumanisi phakathi komuntu omnyama nomhlophe. Ukulwile ukulwa okuhle lala uphumule Tata Madiba” lawo kube amazwi ka mfundisi eqala intshumayelo yakhe. UMenzi Nxumalo obeqoqa umnikelo ukhulume ngokuthi ukube uMadiba akayilwelanga inkululeko ngabe abantu abakwazi ngisho ukukhululeka ngempilo yobutabane, usebenzile uTata kodwa manje uyiqedile indima yakhe.
Isigoqwa inkonzo umfundisi uphakamise uMvangeli uSkhumbuzo Sbisi kanye no Thula Khanyile oyilungu lebandla naye esho ukuthi uMahlase ubeyocela ibuhlobo obuhle kubo ka Thula, babe sebebahalalisela bebaxhawula ngenjabulo bonke abazalwane kwazise umfundisi uhlale enxusa ukuba abazalwane balobolane bashade kwaziwe bangajolani emakhoneni.
Previous by Londeka and related articles
2013 Sept. 19: Ikhiphe Icwecwe layo lokuqala i Victory Ministries (VMCI)
and
2013 September 1: Bafake umfaniswano omama nobab’ umfundisi
and
2013 June 18: New Brand For House Music Lovers
and
2013 June 16: Zishade libalele izitabane
and
Pingback: 2013 Dec. 22: ”Indlela enlilingwa ngayo ukuba nibizwe ngezitabane” | inkanyiso.org
Pingback: 2014 Feb.2 Bayanda abefundisi eVMCI | inkanyiso.org