2013 Dec. 22: ”Indlela enilingwa ngayo ukuba nibizwe ngezitabane”

by Londeka Dlamini

Kube inkonzo emnandi kakhulu ebandleni i-Victory Ministries International eThekwini izolo kuyi Sonto lapho abazalwane benzela umfundisi kanye nowakwakhe inkonzo yokuzibongela (Thanks Giving).
Izipho bezigcwele itafula zivela kubo abazalwane, injabulo nokubonga bekubhalwe emehlweni abo bonke. USandile Mthethwa obengumphathi wohlelo eza nalo kamnandi uhlelo lwakhe abuye acule amaculo abusisayo phakathi nezikhulumi ehambisana ne Worship-Team yebandla. Izikhulumi zonke zizwakalise ukubonga okukhulu ngendlela ubaba no mama uZungu ababaphethe kahle ngayo, okhulumele iWorship-Team uMbali Biyela uthi usehamba angesabi nasendleleni ngoba usenolwazi olukhulu ngempilo ngenxa yazimfundiso abazithola esontweni wabe esefisela ibandla lonke ukhisimusi omuhle wanxusa ukuba abantu baziphathe kahle.

I-Worship-Team yashaya umucu owodwa nje wengoma kakhisimusi.

haleluya_8780

Njengenjwayelo uThula Khanyile uqale akuthathe akubeke ngephimbo lakhe acule maqede athule inkulumo eyakhayo, ukhulume ngencwadi yaMahubo 144.
UMbali Nkwanyana ekhulumela Insika (obaba nezinsizwa ebandleni) wenze umzekelo ngokuthi  emazweni aphesheya uma kudliwa ngokhisimusi kudliwa inyama yegalikuni (turkey) esuke ithakwe kamnandi kanjalo nabo bathakwe kahle eVMCI, indlu yonke ifa uhleko nalapho esecula iculo elithi ”Dwala elangifela kuwe ngiyakhosela” kwazise livame ukushawa umfundisi aze anqekuzise ikhanda.
Nakanjalo nokhulumele iDwala (omama nezintombi ebandleni) umam’ Zulu usukume ngengoma ethi ”Amalanga namalanga wethembekile Jesu” leyo-ke eka mama umfundisikazi.

Sesiya ezizwini leNkosi kuvulwe incwadi ka Genesis vrs. 6-8, izwi siliphiwa umfundisi Ncama webandla i-Faith Mission obevakashile kodwa bekungakona okokuqala ehlanganyela ne VMCI kanti abazalwane bonke bayajabula uma ezofika indlela ashumayela ngayo udume ngegama elithi uMentshisi.
Okumangazile akafundanga amavesi ushumayele ngezihloko kusukela ku vrs. 6 isihloko esithi ”UKWANDA KOBUBI BABANTU” kuya kwesithi ”UKUPHELA KUKA ZAMCOLO” ku vrs. 8.

haleluya_7606

Lenceku yeNkosi ithathe yathi sekukuningi ukukhuluma ahlangabezane nakho ngokuvakasha khona e-VMCI ngenxa yokuthi idume ngokuba ibandla elingamelene nezitabane kodwa unombuzo owodwa anawo ukuthi uma izitabane ziyidimoni kungani abazali bazo bengenalo pho, ekhomba unina ka mam’ mfundisi ovamile ukuba khona enkonzweni. Uqhube wathi amakholwa amele ukulingwa ngakho-ke uma bekubiza ngesitabane ungakhathazeki indlela olingwa ngayo, yena akanankinga ngokuhambela leli bandla futhi uNkulunkulu kuningi amembulele kona ngalelibandla.

Ubeze achaze alale phansi enza izibonelo uNcama, bethokozile abantu abuye ahambe ebaxhawula. Sekuphethwa umfundisi uZungu obekunguye obebungazwa usukume nokuzibongela yena nomkakhe ngezipho nakho konke ibandla elikwenzile.

Kuze kube ngokuzayo… Woz’e Durban!!!

 

 

Previous by Londeka and related articles

 

2013 Dec. 16: “Sibonga uMadiba ngokulwela inkululeko yethu”

and

2013 Sept. 19: Ikhiphe Icwecwe layo lokuqala i Victory Ministries (VMCI)

and

2013 September 1: Bafake umfaniswano omama nobab’ umfundisi

and

2013 June 18: New Brand For House Music Lovers

and

2013 June 16: Zishade libalele izitabane

and

2013 June 15: The Durban Lesbian Wedding of the Year

 

 

 

This entry was posted in Creating awareness, Creative Writing, God's will, Insika neDwala, Textualizing Our Own Lives, We Still Can with/out Resources, We were (t)here, Writing is a Right, Zulu, Zulu is a South African language and tagged . Bookmark the permalink.

2 Responses to 2013 Dec. 22: ”Indlela enilingwa ngayo ukuba nibizwe ngezitabane”

  1. Pingback: 2014 Jan.5: Ishaya ngolunye unyawo I-VMCI kulonyaka | inkanyiso.org

  2. Pingback: 2014 Feb.2 Bayanda abefundisi eVMCI | inkanyiso.org

Leave a Reply

Fill in your details below or click an icon to log in:

WordPress.com Logo

You are commenting using your WordPress.com account. Log Out /  Change )

Twitter picture

You are commenting using your Twitter account. Log Out /  Change )

Facebook photo

You are commenting using your Facebook account. Log Out /  Change )

Connecting to %s