by Londeka Dlamini
BAVELE enkantolo ephakeme e-Port Elizabeth ngo Lwesine abalisa abane abasolwa ngokudlwengula owasifazane ngenxa yobulili bakhe (Corrective Rape).
Owesifazane oneminyaka engamashumi amathathu nanye (31) esiligodlile igama lakhe wadlwengulwa, wahlukunyezwa ngesihluku wabelwa nempahla yakhe zingu 29 ku Masingana (January) onyakeni ka 2012 endaweni ya-KwaZakhele, emgwaqeni uNosidima ezintathakusa eqhamuka endaweni yokucima ukoma.
USonwabo Ngcete (22), Khuselo Manta (24), Siyamthanda Ndiza (21) kanye no Siyabonga Mhlangu (21) batholakale benecala lokuhlukumeza bobane bagwetshwa iminyaka emihlanu.
UMhlangu uphinde wagwetshwa unyaka owodwa ecaleni lokweba kanti UNgcete kanye no Manta bazodonsa iminyaka engamashumi amabili (20 Years) njengoba betholakale benecala lokudlwengula.
U-Jugde Mandela Makaula phambi kokuba athule isigwebo uchaze ukudlwengula njengento engavumelekile emphakathini ephinde yehlise nesthunzi kwabesifazane ababhekene nalesehlo.
”Ukudlwengula umuntu kufana nokumphuca ukuzethemba kwakhe, kuyisenzo esibi esingahlukumezi kuphela umenziwa kodwa kuya nasemphakathini wonkana ngoba abesifazane bazizwa bengaphephile emphakathini,” kuchaza uMakaula.

Abalisa abagwetshelwe ukudlwengula, ukuhlukumeza kanye nokweba (Photos by Londeka Dlamini)
Uqhube wathi labalisa bebefanelwe udilika jele ngesenzo sabo kodwa ngenxa yeminyaka yabo basengalungiswa babuyele emphakathini bengabantu abancono.
Ngenkathi liqhubeka icala omunye wofakazi walandisa inkantolo ukuthi labadlwenguli khathi benza lesenzo kulona wesifazane bathi ‘Sifuna ukukukhombisa ukuthi awuyona indoda, ungumuntu wesifazane’.
Nabanye ofakazi baqinisekisile ukuthi endaweni waziwa njengo ”Tomboy” lona owehlelwa umshophi.
Kanti labenzi bobubi bebeliphika kwaze kwasekupheleni icala, omunye wabo echazela inkantolo wathi zange yena edlwengule kodwa bebethandana nalona wesifazane.
Ucwaningo lodokotela lwaveza ukuthi labalisa bobabili bayile ocansini nalona wesifazane, (Both their DNA were found).
Abomndeni walowesifazane bathi akumnandi kubona, bathi ngokwabo sincane isigwebo labalisa bekumele bathweswe necala lokuzama ukubulala ngoba indlela ayeshawe ngayo ummangali wacishe wafa, evuvukele ubuso bonke wahlala amasonto amabili esibhedlela kungozi makhaza.
Umalumekazi kammangali ubebhodla umlilo sekuphunywa enkantolo ezwakalisa ukungeneliseki kwabo,
”Umthetho wasezweni lethu uyafana nengcindezelo, labalisa bazohlala isikhathi esincane ejele baphume bacishe bayibulala ingane yomfowethu.
Ngizwa ubuhlungu indlela abantu abanonya ngakhona, babengaze bamdlwengule na ngenxa yokuthi uthanda amanye amantombazane, kanti iphi le nkululeko okukhulunywa ngayo,” kuchaza umalumekazi.
Lona wesifazane uhlala abe nekhanda eliqaqambayo ngenxa yokushayeka kakhulu ekhanda.
Related article
2015 July 31: Lihle Sokhela’s killer shows no remorse
and
Previous link
2015 Feb. 13: Abalisa abane basolwa ngokudlwengula nokukhuthuza
Yaz indaba ka 5 yeArs iwumdlalo nje. Cos into evese iphele manje kahle kAhlE uma kunobufakazi obuphatheka kuhle nje umuntu aboshwe udikela jela ukuze nalaba abangaphandle babone ukuthi indAba yerape asAmbisani nayo manje labo 5 yeArs ngampela bakwethu banesicefe kwayiwona ke lo 5 years usuyagulisa cos uyisikhathi esincane ngoba irape ukuhlukumeza uze uyofa ingagcini ngokuhlukumeza wena orashiwe kodwa ihlukumeza ngisho abaseceleni kwakho cos asikho isidingo Soraper umuntu ngisho ngabe kade ehamba enqunu ngisho ngabe ugQoke isiketi esincane ngisho ngabe uphuze weqisa ngisho ngabe uhamba ngo 2 ezintathatha kodwa asikho isidingo sokuthu umuntu angakhululeki ngenxa nje yabantu abangenasimilo futhi lento ka 5 years izohamba ingicike ngoba uyanda lomkhuba wokuthi abantu abadlwengulayo baboshwe o 5 years. Sizocela lendaba ka 5 years ixoxwe cos mekuphela u 5 years lomuntu uyambona lokho kukukodwa kuyalima umqondo kwenza ne anger so udilika jela bakwethu umlungele umuntu oyirapist ngoba vese emajela sekwadliwa nakamnandi baphatha nama cell phone baphila impilo emnandi kuhleke aphile udilika engaphakathi engezukubonwa ilo odlwengulile ngixolise ukubA mude ukuthi ngidinwa ilezigobo Abanikwe zona